
OWESIFAZANE UTHOLWE ENECALA LOKUBULALA
MZWANDILE MHLONGO
UNOLUVUYO Sinyikatha oneminyaka engama-23, utholakale enecala lokubulala ngenhloso intombazanyana eneminyaka eyisithupha, uLikuwe Mpokopi, owatholakala eshonile emfuleni eNgcanasini, eMqanduli, ngoNcwaba 2024.
INkantolo eNkulu yaseMthatha, eMpumalanga Kapa, imthole enecala uSinyikatha, ngemuva kokuthi uMbuso wethule ubufakazi obumyamanisa nelesi sigameko.
Inkantolo itshelwe ukuthi uSinyikatha wayekholelwa ukuthi unina kaLikuwe wayenecala ngokushona kwengane yakhe eyayinezinyanga eziyisishiyagalolunye, eyashona ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwalesi sigameko ngemuva kokugula. Isidumbu sikaLikuwe satholwa sintanta emfuleni ongashoni ntambama mhla zingama-28 kuNcwaba 2024, sitholwa ngabesifazane ababeyotheza.
Ukutholakala kwesidumbu sale ntombazanyana kwashaqisa umphakathi, njengoba abantu babemangele ukuthi yagcina kanjani isemfuleni oseduze nomuzi wakubo. USinyikatha kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo maduze ukuze agwetshwe. Ubhekene nesigwebo esingafinyelela kudilikajele ngecala lokubulala okuhleliwe.
