
UGANDAGANDA UTHI UMKHOSI WOMHLANGA UKHISIMUSI WAMATSHITSHI

UMCULI kaMaskandi uGandaganda eMkhosini woMhlanga. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA
AKHONA DLAMINI
UFANISE uMkhosi woMhlanga nokhisimusi wamatshitshi, umculi
kaMaskandi osezakhele igama endimeni, uGandaganda Sikhakhane, ngesikhathi ehambele uMkhosi woMhlanga ngempelasonto mhla ka-12 no-13 kuMandulo, esigodlweni eMashobeni.
Uthe lo mkhosi ufana nokhisimusi wabo njengamatshitshi, njengoba kuyilapho befezekisa ubungcwele babo, ngalo mcimbi oyigugu elikhulu kubo bengamatshitshi nasesizweni sonke samaZulu.
“UMkhosi woMhlanga ufana nokhisimusi wethu thina matshitshi, ngoba ilapho sibungaza khona siphinde siziqhenye ngobumsulwa bethu. Noma simuliswa emakhaya, kodwa lapha akukhethwa bala lamuntu. Singena sonke wemulisiwe noma awemulisiwe. Ngijabulile uma ngiwubona uhamba ngendlela. Ngibonga kakhulu eNgonyameni engathi ingaqhubeka nokusenzela ukhisimusi wethu minyaka yonke,” kubeka uGandaganda.
Ubonge bonke abambeke kuleli zinga asekulo, njengoba esengumculi ongaconsi phansi ebantwini.
Uthe ukuziphatha kahle akusoze kwaphuma efeshinini, noma ngabe ukwesiphi isigaba nanoma usukuliphi izinga lempilo.
“Ngithanda ukubonga uNkulunkulu, nakubo bonke ababezithunywa ohambweni lwami oluya kwampumelelo. Mina lapha sengifana nomuntu ozogqugquzela amatshitshi ukuthi aziphathe kahle, nokubatshela ukuthi kubalulekile ukuziphatha kahle nanoma usukuphi empilweni. Ngiphinde ngibonge naseSilweni ngezibusiso esisiphe zona,” esho.
