
UMcCARTHY UPHENDUKE ISITHA KWIBAFANA BAFANA
MZWANDILE MHLONGO
UBENNIE McCarthy uzophenduka isitsha eNingizimu Afrika, njengoba namuhla mhla ziyi-13 kuLwezi ngehora lesi-6:00 ntambama, iBafana Bafana izobhekana neqembu lase eliqeqeshwa uMcArthy e-Orlando Amstel Arena eSoweto.
Kuzokuba okokuqala ukuthi uMcCarthy abhekane nezwe lakhe njengomqeqeshi, kanti ubuyela enkundleni yase-Orlando ayeyithanda kakhulu esadlalela i-Orlando Pirates.
“NgingowaseNingizimu Afrika impela, kodwa manje umsebenzi wami ukwenza iKenya inqobe. Akusebenzi imizwa lapha kepha ibhola kuphela.” kusho UMcCarthy
IKenya ayiqalanga Kahle kulemidlalo njengoba ibambane ngo 1-1 ne-Eritrea, yase ihlulwa yiGuinea ngo 1-0. Ihlezi endaweni yesithathu ngephuzu elilodwa. Kodwa ayinayo ingcindezi yokuhlunga, njengoba ingelinye lamazwe azosingatha i-AFCON ka-2027.
Umlando ukhombisa ukuthi iBafana ayikaze ihlulwe yiKenya emidlalweni emine edlule. Iwine imidlalo emithathu, yadlala owodwa ngokulingana. Kodwa uMcCarthy uthi isikhathi sokubhala umlando omusha sesifikile.
Ngemuva komdlalo wanamhlanje, la maqembu azophinde ahlangane ngoLwesibili, mhla ka-17 kuLwezi, eNairobi.
