
KUXABENE UBENDLE KWI-INKABI RECORDS

ULWAH Ndlunkulu ongaphansi kwalesi sitebele.

UBIG Zulu kanye noLeroy Khoza abaphathi be-INkabi Records. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UYAQHUBEKA umsindo kwisitebele somculo INkabi Records, ephethwe ngumrepha uBig Zulu, kulandela ukusabalala kwemibiko yokuthi umculi uLwa Ndlunkulu usefuna ukuphuma kule nkampani.
Lolu daba seluvuse imibuzo kubalandeli mayelana nobudlelwano phakathi kwalo mculi nabaphathi benkampani.
UBig Zulu, ephawula ngale mpikiswano ku-Live waTiktok, uveze ukuthi nakuba uLwah engakahlali isikhathi eside ngaphansi kweNkabi Records kodwa kuningi asekwenzile okushintshe impilo yakhe, okukhombisa ukuthi inkinga yemali ayikho.
“ULwa wakha umuzi wakubo eHluhluwe, wathengela umkhulu wakhe iveni, waphinde wathenga umuzi eThekwini. Ukwazile nokuzithengela imoto yamaphupho akhe yohlobo lweMustang, kanti futhi unenye imoto.Yini ke efunwa abantu kwiNkabi Records?, ” kusho uBig Zulu ku-Live.
Uqhube wathi akafuni ukukhipha izindaba eziningi ngoba kuzoba engathi ungcolisa amagama wabanye abaculi.
Kuphinde kwavela izinsolo zokuthi uLeroy Khoza ongomunye wabaphathi kwiNkabi Records, wasabalalisa ukuthi uLwah Ndlunkulu akasaphilile kahle ngokomqondo, ngesikhathi ezwakalisa isifiso sokushiya le nkampani. Lezi zinsolo azikacaci ngokugcwele.
