Izindaba

ISUSE UMSINDO INGXOXO EQOSHIWE KAMKHWANAZI

UKAPTENI Paul Makola okusolakala ukuthi uMkhwanazi ubekhuluma naye, wamqopha wase eputshukisa inkulumo.

UPAUL Madubanya owafaka video ezinkundleni zokuxhumana ethuka uMkhwanazi. IZITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

KUQUBUKE umsindo kulandela ukuvela komsindo oqoshiwe okuzwakala uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, exoxa noKaputeni Phaladi Makola ngamacala abhekene nomculi uPaul “Tsaka” Madubanya, oboshelwe ukwenza ivideo ebiza uMkhwanazi nowakwakhe ngalo lonke uhlobo lwenhlamba.

Kulo msindo osabalale ezinkundleni zokuxhumana, uMkhwanazi uzwakala ebuza ukuthi lo mfana uphilile yini ekhanda futhi kungenzeka yini ukuthi kwengezwe amanye amacala abhekene naye.

“Ngicabanga ukuthi uma kuqhubeka kulethwa amacala amaningi kuye, nabanye bazofunda isifundo. Kufanele senze ngaye isibonelo,” kuzwakala uMkhwanazi kwinkulumo eqoshiwe.

Le ngxoxo ivuse imibuzo yokuthi ngabe uMkhwanazi usebenzisa isikhundla sakhe ukugqugquzela ukuthi uTsaka abekwe amanye amacala yini.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uzichithile izinsolo zokuthi uMkhwanazi wasebenzisa kabi amandla akhe.

“UKhomishana uMkhwanazi naye uyisisulu kuleli cala. Akukho myalelo owakhishwa wokuthi umsolwa aboshwe ngokungemthetho, asatshiswe noma aphazanyiswe uphenyo. Ukuphawula kukaMkhwanazi kumele kuqondwe ngokwesimo sengxoxo, njengoba bekuyingxoxo ephathelene nomsebenzi wamaphoyisa nophenyo oluqhubekayo,” kubeka uMathe.

UKaputeni Makola kubikwa ukuthi usengaphansi kophenyo lwamaphoyisa aseLimpopo mayelana nokuziphatha kwakhe kule ngxoxo, njengoba phambilini waphika ukuthi wake wakhuluma noMkhwanazi ngodaba lukaTsaka.