
UMOSIMANE UZOBHEKANA NO-McCARTHY E-ORLANDO

KULINDELEKE umdlalo oshubile phakathi kwabaqeqeshi abanomlando baseNingizimu Africa njengoba iBafana Bafana izobhekana neKenya namhlanje ntambama e-Orlando Amstel Arena, eSoweto.
ISITHOMBE : GOIL. COM
MZWANDILE MHLONGO
NAMHLANJE ngolwesihlanu, mhla ka-13 kuLwezi,
iNingizimu Afrika izobe ibheke e-Orlando Amstel Arena, eSoweto, lapho iBafana Bafana izobe ibhekene neKenya, emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (AFCON) ka-2027.
Umdlalo uzoqala ngo-6 kusihlwa. Kulindeleke ukuthi kube umdlalo oshisayo.Yize lomdlalo kungowamaqoqo njengoba womabili amaqembu eku-group D, kodwa kubukeka kuzoba umdlalo oshubile njengoba bobabili abaqeqeshi bawo beqhamuka kuleli laseNingizimu Africa.
UPitso Mosimane uqeqesha iBafana Bafana, uBenni McCarthy owayengumgadli weBafana uqeqesha iKenya.
UMosimane ungomunye wabaqeqeshi abahlonishwa kakhulu ezwenikazi i-Afrika. Usewine iNdebe ye-CAF Champions League izikhathi ezintathu, waphakamisa izindebe eziningi eNingizimu Afrika nase-Egypt. Kusukela ebuyela ekhaya ukuzoqeqesha iBafana, iqembu selibonise ukuzimisela okukhulu. Lihlezi phezulu kwiqoqo lalo ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili, ngemuva kokunqoba iGuinea ngo 2-1, lase lichoboza i-Eritrea ngo 5-0.
UMosimane uthi kubalulekile ukuthi abadlali bakhe bangayibukeli phansi iKenya. “Ibhola alinaye umngani. Uma unika isitha isikhala, akuphethi kahle. Siyayihlonipha iKenya, kodwa sidlala ekhaya, sifuna amaphuzu amathathu,” kusho uMosimane.
Ngeke kube yimpi yeBafana neKenya kuphela. Kuzoba yimpi yabaqeqeshi ababili, uthisha ubhekene nomfundi wakhe
