Izindaba

AMAPHOYISA ASEBENZISE IZINHLAMVU ZENJOLOBA KUBABHIKISHI

AKHONA DLAMINI

KUSUKE umsindo ngesikhathi amaphoyisa ophiko lwePublic Order Police (POP), esebenzisa izinhlamvy zenjoloba, isisisi esikhalisa unyembezi, ukuhlakaza iqembu labantu abebebhikisha kuChe Guevara Road, e-Umbilo, eThekwini ngoLwesibili mhla ziyi-10 kuLwezi 2026.

Amaphoyisa athi abaxwayisile laba abebebhikisha ngomyalelo wesikhashana wenkantolo, ovimbela ukumasha ngemuva kwehora lesi-15:00, nokuphatha izikhali eziyingozi kanye nokufihla ubuso ngesikhathi semashi njengoba iningi belenzile.

“Ababhikishi babe sebephenduka inja ebomvu bajikijela amaphoyisa ngamatshe. Kube sekuphoqa ukuthi amaphoyisa asebenzise izindlela zokulawula isixuku nokubuyisa ukuthula,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshuinda.

Amaphoyisa athe akukabikwa muntu olimele, kanti aseluqalile uphenyo ngezinsolo zokwephulwa komyalelo wenkantolo kanye nokushaya amaphoyisa.