
KUGQUGQUZELWE UKUTHUTHUKISWA KOLIMI LWEBELE EZIKOLENI
OWAMI THABETHE
KUGQUGQUZELWE ukuthuthukisa nokunothisa ulimi lwebele ezikoleni, ngesikhathi kunomncintiswano obizwa ngokuthi ‘Sincela Kogwansile’ eMlazi emtapweni wolwazi kwa-W, okuhloswe ngawo ukufundisa nokuthuthukisa ulimi lwesiZulu, kubafundi abasebancane bebanga lesi-6 abaphuma ezikoleni ezahlukene.
UMuntomuhle Mcambi ungumbhali nongumphathi we-Iziko Art Company, uncome isinyathelo esithathwe nguMnyango wezoMtapo woLwazi kuMasipala weTheku, wokusingatha imicimbi efana nalena ebuyisa isintu nokuziqhenya ngolimi lwesiZulu.
“Nami ngaqala ngisafunda isikole ukuthanda ukubhala ngesiZulu, nginganakile ukuthi lento iyakhula. Ngangihlale njalo ngiphuma phambili kwabenze kahle kuso isiZulu, kanti angazi ukuthi ngelinye ilanga ukubhala kwami kuyongiphilisa,” kulandisa uMcambi.
Uthe isifiso sakhe ukubona abanye kulaba bafundi abebekade bebambe iqhaza kulo mncintiswano sebenezincwadi zabo, nemidlalo yesiZulu okushicilelwe.
UMcambi ngaphansi kwe-Iziko Art Company, usehlele izincwadi ezingaphezu kwama-45 okubalwa kuzo ‘Impande Yothando’, ‘Ezosiba Volume 3’, Isivivane Sokhozi Volume 1 nezinye.
Ungomunye wababhali bomdlalo womoya odumile odlala emsakazweni Ukhozi FM osihloko sithi: ‘Isinqumo’.
