KUSETSHENZISWA EZEMIDLALO UKULWA NESIHLAVA SOBUGEBENGU E-VRYHEID

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula kanye neMeya kaMasipala waBaQulusi emcimbini wokuvula izikhungo.

UKHAWULA ebona ukuthi imishini isebenza ngendlela yini. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi basebenzisa ezemidlalo ukubhekana nezinkinga ezithinta intsha, okubalwa kuzo ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ukuziphatha budlabha nezinye izinkinga zomphakathi.
UKhawula ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma eLakeside, eVryheid, okuyilapho evule khona ngokusemthethweni inkundla entsha iCombo Court nendawo zokuzivocavoca .Uthe lezi zikhungo zezemidlalo zakhiwe endaweni ekahle, njengoba ziseduze nomphakathi futhi zizungezwe yizikole ezimbili.“Ngiyethemba umphakathi uzozisebenzisa ngendlela lezi zikhungo. Uzokwazi nokusilekelela ekuhlengeni intsha yethu elengela eweni lezi dakakamizwa, ” kusho uKhawula.
Umcimbi wokuvulwa kwalezi zikhungo ububanjelwe eLakeside Community Hall, bewuhanjelwe iMeya kaMasipala waBaQulusi, uCllr Sifiso Eric Mkhwanazi, amakhansela nabaholi bendawo.
