
UTHANDO UGUQULE UKUHLUKUNYEZWA KWABA YITHEMBA KWIZISULU
OWAMI THABETHE
UMBHALI osemncane, u-Adv Thando Mchunu, usephendule ubuhlungu nezibazi zempilo yakhe kwaba yithemba, isibindi nogqozi lokusiza abanye.Ugqugquzele intsha ukuthi ingavumeli izinselelo ebhekene nazo ziyiphuce ikusasa layo, ngesikhathi kwethulwa kabusha incwadi yakhe ethi ‘Broken Rose’ eMhlathuze Auditorium eRichards Bay, mhla ziyi-15 kuMfumfu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abafundi bezikole ezahlukene, ababhali, abashicileli bezincwadi kanye nabezindaba.Ekhuluma nabafundi, uThando ubakhuthaze ukuthi bangavumeli izimo ezinzima zempilo zibaqede amandla, kodwa bazibheke njengethuba lokufunda, ukukhula nokuba yisibusiso kwabanye abantu.
“Ubuhlungu abuchazi ukuthi ungubani, izibazi azisho ukuthi wehluliwe, kanti amanxeba empilo awasho ukuphela kwendaba yakho. Izibazi zami azizange zingenze ngilimaze abanye abantu, kunalokho zangikhuthaza ukuthi ngifune ukubasiza nabo,” kusho uThando.
Umyalezo ube yisikhumbuzo entsheni sokuthi noma ngabe ibhekene naziphi izinkinga, isenalo ithuba lokushintsha indlela ebuka ngayo impilo, ithole amandla okuqhubeka futhi isebenzise lokho edlule kukho ukukhuthaza abanye.Omunye wabafundi baseSikhalasenkosi High School, u-Andiswa Bizela, ubonge uThando ngokubanika isibindi sokukhuluma ngezinto ezibahlukumezayo, wagcizelela ukubaluleka kokubhekana nezinkinga ngaphandle kokudlulisela ubuhlungu kwabanye.
“Siyabonga Sisi Thando ngesibindi osiphe sona sokwazi ukuphumela obala ngezinkinga zethu futhi sikwazi ukubhekana nazo ngaphandle kokulimaza abanye abantu,” kusho u-Andiswa.
Ngencwadi yakhe, uThando ukhombise ukuthi nakiba impilo ingashiya izibazi, lezo zibazi azidingi ukuba yifa lobuhlungu kuphela, kodwa zingaba yisiqalo sendaba entsha neyokusiza abanye ukuba nabo bathole amandla okuqhubeka.
