Izindaba

ITHEKU LETHULA IPHROJEKTHI YAMANZI

USKHUMBUZO Mtshali ovela kuMkhandlu weTheku ngaphansi kwaWater and Sanitation. IZITHOMBE: AKHONA DLAMINI

AKHONA DLAMINI

UMASIPALA weTheku unike ithuba ithimba labezindaba ukuba lihambele amaphrojekthi amakhulu, ahlose ukufukula idolobha iTheku kwezentuthuko kanye nakwezomnotho.

Lolu hambo luphinde lwanika abezindaba ithuba lokuhlangana nezikhulu, ukuze bathole ulwazi olunzulu ngenqubekela phambili yale misebenzi.Phakathi kwamaphrojekthi ahanjelwe bekukhona iSouthern Aqueduct Bulk Water Infrastructure Project, egxile kakhulu ekulungisweni kwamanzi kanye nengqalasizinda yawo, njengoba inkinga yamanzi ihlasele kuleli dolobha.

USkhumbuzo Mtshali, osebenzela uMkhandlu weTheku ngaphansi kwaWater and Sanitation uthe nakuba zikhona izingqinamba ababhekene nazo, kodwa uyaqhubeka umsebenzi wokufaka amapayipi azophakela imiphakathi eminingi ngamanzi.

“Uyaqhubeka umsebenzi wokufaka amapayipi ezophakela amanzi imiphakathi yasezindaweni okubalwa iWestville, Umlazi, iShallcross, Ensimbini nezinye eziningi. Lokhu kusayingxenye yokuqala yale prokjekthi, eyesibili ukuthi sivale njengoba lamapayipi ezohamba ngaphansi komgwaqo. Sithemba ukuthi esikhathini esingangenyanga ezimbili sizobe sesiyiqedile ingxenye yokuqala yamapayipi ukuze imiphakathi ithole amanzi, sidlulele kwenye yokulungisa umgwaqo,” kubeka uMtshali.

Uqhube wathi ucela abantu abasebenzisa imigwaqo ethize bababekezelele njengoba kusakhona imigwaqo esazophazamiseka.

“Umgwaqo uM19 osuka ePinetown ubheke eSpringfield, sinohlelo lokuthi sivale i-lane eyodwa ngoMgqibelo esiya kuwona. Ngenhloso yokuqedela ukufakwa kwepayipi ngaphansi kwawo . Nginxusa bonke abasebenzisa lo mgwaqo ukuthi basebenzise ezinye izindlela,” esho.