Uncategorised

ZIBHONGE EMSWANENI IZINTATHELI KWA-MSIBI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

ABASAKAZE isikhathi eside noPhumlani Msibi kwezemidlalo sebebhonge emswaneni ngemuva kokushona kwakhe. Lolu galagala lwentatheli yezemidlalo kwaSuperSport lushone ngempelasonto ngemuva kokubanjwa ukugula isikhathi eside. UMsibi uzakhele ugazi ngendlela abesakaza ngayo isibhakela nebhola kuthi Uma kungene igoli athi “Halakaaasha”. Ubedume futhi ngokuthi athi “Coach, appreciate your time. Thoughts please..” njalo ngemuva komdlalo Uma exoxa nabaqeqeshi.
UJoe Hudla uchaze uMsibi njengengcweti neqophamlando kwezemidlalo. Uthe nguye owamfaka ebuntathelini wasakaza isibhakela kwaSABC wagcina esehlwithwa isikhondlakhondla esinguSuperSport. “Okunye engikuqaphelile ngaye ubunono. Cishe zonke izimoto zakhe engake ngazigibela bezihlale zihlanzekile, futhi naye ubehlale egqoke kahle” kusho lenkakha yakwaSABC Sport. UBaba Mthethwa osakaza kwaSuperSport ngeSesotho uthe bafe olwembiza ngokushona kukazakwabo owayenguthisha phambilini. “Ubehlale ekhumbula wonke amagama. Ubesihlonipha isikhathi somsebenzi. Ubenakho ukuchukuluzana kepha ezithobile. Ubenendlela yakhe yedwa yokumamatheka. Ubezifela ngetiye irooibos abeyiphuza nolamula. Ubezithanda kakhulu izingane zakhe,” kusho uMthethwa odume ngetemu elithi “Hothaaaate Baaaana “. UReggie Ndlovu osakaza isiZulu kulesi siteshi saseRandburg eGoli uthi simuncu isimo kozakwabo njengoba kuqhutshwa umsebenzi weFIFA Club World Cup. “Angisoze ngamkhohlwa ngoba waqala ukuxhumana nami ngisaseSABC wangikhuthaza wathi angiqhubeke ngenyuse amasokisi. Ngikhumbula siyosakaza eVenda ngelinye ilanga. Wangidwebela esinye isthombe ngaye njengoba wangixoxela ngomlando onothile ngaMaZulu FC, Golden Arrows neBush Bucks. Ezemidlalo ubeziphila zigiima emthanjeni yegazi. Sithi Dudu emndenini wakhe,” kusho uMapensela.