UMEYER UMISE UKUSEBENZA KUKASONKONTILEKA OBAKHA ISIKOLE ISIBONGINHLANHLA

UNGQONGQOSHE uMnuz Martin Meyer, umise ukusebenza kwentileka, eyakha isikole iSibonginhlanhla Primary School, ngesivinini sonwabu.

USONKONTILEKA uMnuz Mbongiseni Duma weKhulakwande Construction CC okumisiwe ukusebenza kwakhe. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UMNYANGO wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uMnuz Martin Meyer, uhoxise ukusebenza kukasonkontileka weKhulakwande Construction CC, okuyiyona eyanikwa umsebenzi wokwakha isikole iSibonginhlanhla Primary School, eWaterloo.
Lesi sikole saqala ukwakhiwa ngoMandulo ngonyaka ka-2023, bekulindeleke ukuthi sivulwe ngokusemthethweni mhla zingama-21 kulenyanga, kodwa lokho angeke kusenzeka ngenxa yokuthi asiqediwe ukwakhiwa.
UNgqongqoshe uMnuz uMeyer, ube nomhlangano izolo nosonkontileka nekomidi, okuyilapho ebefuna khona izimpendulo zokuthi kungani isikole singaphelile. Kuvele ukuthi uNgqongqoshe uMeyer obengagayelwe mphako, kazimculisanga izimpendulo ezingqali zokuthi kungani isikole singaphelile, okuholele ekutheni kumiswe ukusebenza kukasonkontileka. UNgqongqoshe uthe kuningi okungahambi kahle ngokwakhiwa kwalesi sikole, wathi kodwa angeke ande kakhulu njengoba sekungenelele nomthetho.
