EZEMVELO NOHLELO LOKUXHASA INTSHA

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
UMNYANGO wezokuThuthukiswa KoMnotho nokoNgiwa kweMvelo oholwa nguMfu Musa Zondi uthi ubeke imali eyevile kwizigidi ezintathu kunyaka ka 2024/2025 obhekele ukuxhasa izinhlelo zentsha engosomabhizinisi abancane abasemkhakheni wokongiwa kweMvelo ngendlela yokungabangi intuthu.
Lokhu ukudalule kwinkulumo yakhe ayenze kwingqungquthela yentsha ebizwa ngeGreen Youth Indaba ese-ICC nezothatha izinsuku ezimbili kusuka namuhla.
UMnu Njabulo MTHETHWA ongusomabhizinisi osakhula waKwaMashu, wenkampani iNgididi ekhiqiza amapulangwe. UNjabulo uthe bacosha yonke into eyisigubhu saplastiki, basigaye bakhiqize ipulangwe bese benza amabhantshi, izitulo kanye namatafula epulangwe. Ngaphezu kwalokho uNjabulo ubenombukiso wesitimela asenze ngepulangwe. Uthe ngalokhu ugqugquzela ukuthi abantu babuyele ezitimeleni ngoba yisona kuphela ezishibhile. Ukhale ngokuthi badinga iveni lokulayisha umsebenzi wabo kanye nomshini wokugaya njengoba besasebenzisa owomdabu waseNdiya baphinde baqashe imoto ezothwala.
UNondaba ukuqinisekisile yibo kanyeke laba abanoxhaso lwesabelo mali emnyangweni wakhe.
