Uncategorised

UGWETSHWE UDILIKAJELE OWABULALA ISINQANDAMATHE

INKANTOLO yesiFunda Escourt igwebe uVusumuzi Makhaye ngecala lokubulala intombi yakhe. ISITHOMBE: SAPS

NOMCEBO NGEMA

INKANTOLO yesiFunda Escourt igwebe udilikajele neminyaka engama-23 ngaphezulu ebhadla ejele uVusumuzi Makhaye, ngecala lokubulala owesifazane kanye namacala okubamba inkunzi.

UVusumuzi wabulala isinqandamathe sakhe uNosipho Madondo oneminyaka engama-40 ubudala. Lezi zithandani bezihlala ngokuhlukana omunye ehlala eMooi River, omunye ehlala Escourt. Ngaphambi kokuthi kwenzeke isigameko sokubulawa kukaNosipho, uVusumuzi waqale waphuca uNosipho izinto zakhe, ngemva kwalokho waqhamuka necebo lokuthi akeze eMooi River azozithatha, uzomufakela udizili emotweni.

Ngonyaka ka-2023 kuMandulo, uNosipho watshela umngani wakhe ukuthi unendlela eya eMooi River uyobona uVusumuzi. Umngani kaNosipho akabange esamthola ocingweni, wabika udaba emaphoyiseni. Amaphoyisa asebenzisa ubuchwepheshe bokulandela umzila wemoto mhla zinhlanu kuMandulo ngonyaka ka-2023, imoto kaNosipho yatholwa emgwaqeni uHilton Road. Kuthe kusabhekwa imoto kwase kuqhamuka uVusumuzi, amaphoyisa axoxa naye athola umakhalekhukhwini kaNosipho kuyena. UVusumuzi waphika walala ngomhlane wathi akamazi uNosipho ukuthi ukuphi. Ngokuhambana kwesikhathi uVusumuzi wagcina ehamba namaphoyisa eyokhomba isidumbu ehlane ngasemgwaqeni u-R103. Isidumbu sikaNosipho satholakala sinamanxeba okulimala ekhanda nasemzimbeni.

Inkantolo igixabeze uVusumuzi ngeminyaka eyi-15, ngecala lokubamba inkunzi ngesihluku, udilikajele ngecala lokubulala, neminyaka eyisi-8 ngokuphazamisa ukusebenza komthetho. Inkantolo iphinde yanquma ukuthi isigwebo sokubamba inkunzi nesokuphazamisa ingalo yomthetho azidonse kanyekanye.