KUBULAWE OBENGUFAKAZI KWI-MADLANGA

KUDUTSHULWE kwabulawa ufakazi okunguMarius Merwe ngaphandle komuzi wakhe. Isithombe: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
UMARIUS Van Der Merwe owayengufakazi D kwiKhomishana kaMadlanga udutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe eBrenthurst eBrakpan, Ekurhuleni, ebusuku ngoLwesihlanu phambi kukaNkosikazi wakhe.
UMarius wayesebenzela i-EMPD ngesikhathi efakaza kwiKhomishana kaMadlanga, wadalula ukuthi uJulius Mkhwanazi wamyalela ukuthi ayolahla isidumbu somsolwa owashona eshawa amaphoyisa edamini.
Waveza ukuthi uyafisa ukubuya ngaphambi kwale khomishana, ukuzokwethula ubufakazi ngodaba lwezimayini ezingekho emthethweni eziphethwe ngezinye zezikhulu zikahulumeni.
Kubikwa ukuthi ngaphambi kokuthi abulawe ufakazi D, uthumelele intatheli yesiteshi sikamabonakude umlayezo (voice note), ngodaba loZama-Zama ezimayini wathembisa ukuthi uzodalula amagama abantu abakuhulumeni abathintekayo kulento yamaZama-Zama.
