Uncategorised

KUZOKHONYA AMABHINCA KOWE-DURBAN JULY

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

KUBUKEKA sengathi amabhinca azokhonya koweHollywoodbet Durban July kulo nyaka, kulandela ukuthi amabhinca azoba netende lezicukuthwane okokuqala ngqa emlandweni walo mjaho odume kakhulu.
Lezi zindaba zethulwe namuhla kwisithangami sabezindaba eMhlanga yi-Halisi Afrique okuyinkampani engumakadebona ekwenzeni imcimbi emikhulu.
UNkz Phindile Zulu onguMqondisi walenkampani uthe bashintsha umdlalo. “Sifikile, sigalelekile, kuzoqopheka umlando amabhinca eba netende lezicukuthwane elinakho konke. Siqeda lento yokuthi amabhinca awazikhoni izinto ezibizayo. Uma ubheka manje, awukho umswenko wesintu obiza njengemvunulo. Abantu abeze bezozibonela lobuhle obungaka esibalethele wona”, kusho yena.
UMnu Lindani Gumede okunguye umvusi wenyamazane ngombono walokhu ngaphansi kwenkampani anguMqondisi kuyo iFast and Quick, uthe yena uma ecabange into akashayi eceleni.
“Uyawukhumbula umcimbi wamaTshiwelele wawunjani? Awuthule ubhekeke nalo ukuthi uzoba njani” ebuza sakuqhosha. UGumede udalule nabaculi abazobe bekhona okubalwa uMenzi, uLimit, uSminorf, uMthandeni noMawhoo. Amathikithi aqala ku-R13, 000 nibabili, R26, 000 nibane, no R67, 000 nibayisishiyagalombili (8). Kuthiwa kulelitende awulambi awomi awubhoreki, bathi akuvumelekile lokho emabhinceni. Inkosi yamabhinca uNgizwe Mchunu naye uzobe ekhona,