OWE-TSOTSI USHIYE ISILILO EMZANSI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UTSOTSI ushiye abantu baseNingizimu Afrika bekhala esikaNandi ngokudlula kwakhe emhlabeni namuhla.
Ukushona kuka
Presley Chweneyagae owazakhela igama ngokulingisa kwiTsotsi okuyifilimu eyawola izindondo enhlabeni jikelele, edlala indawo kaTsotsi.
Nalo mdlalo owamenzela ugazi, wayengene ngembobo yenalati njengoba okwakumele adlale le ndawo uZola 7, anqaba ukudlala ngezizathu zokuwubukela phansi, kanti uzobeka Ningizimu Afrika kwibalazwe.
Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ziqinisekiswe yi-egency yakhe iMoonyeenn Lee Associates.
“Sibuhlungu ngokudlula emhlabeni kuka Presley. Uke wadlala kumafilimu adumile okubalwa
Hamlet, Julius Caesar and Beautiful Things. Akagcinanga lapho njengoba edlule emhlabeni elingisa kwichungechunge lomdlalo iThe River edlala indawo kaCobra,” kubeka abe-agency yakhe.

IZITHOMBE: THE MAIL & GUIRDIAN
