
UMASIPALA WETHEKU UCELA IZAKHAMIZI UKUBA ZONGE AMANZI
AKHONA DLAMINI
UMASIPALA weTheku usunxuse izakhamizi ukuthi zinciphise ukusetshenziswa kwamanzi njengoba ukushisa okuqhubekayo (EL Niño)kwenyuse ukusebenza kwamanzi, kwase kuba khona izinkinga zamanzi kwezinye izindawo.
UMasipala uthi ukwanda kokusetshenziswa kwamanzi sekudale ukuthi amanye amachibi agcina amanzi angakwazi ukumelana nokunyuka kokusebenza kwamanzi, loko kuholela ekutheni kuphazamiseke ukuphakelwa kwezinye izindawo.
“Kubalulekile ukuthi izakhamizi ziwasebenzise ngokucophelela amanzi, zigweme ukuwachitha futhi zinciphise ukusetshenziswa kwawo okungenasidingo ukuze amachibi akwazi ukuphinde agcwale,” kubeka isitatimende.
Izakhamizi ezifuna ukubika izinkinga zamanzi zingasebenzisa uhlelo lokusebenza lukaMasipala weTheku (Mobile App), zithumele umyalezo kuWhatsApp ku-073 1483 477 noma zishayele inombolo yamahhala ethi 080 311 1111. Zingaphinde zithumele i-imeyili [ku-Eservices@durban.gov.za](mailto:ku-Eservices@durban.gov.za).
