U-BABES USOLWA NGOKUQOLA ISAMBA UMSHAYELI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
INDLOVUKAZI yomculo weGqom uBabes Wodumo nodadewabo basolwa ngokuqola umshayeli we-uber imali engu R900 ngokubalayisha amahlandla amabili ngo 2019 kanti futhi akasamkhokheli imali amboleka yona.
Umshayeli uPercy Bhengu unikele ezinkundleni zokuxhumana wabika ukuthi wajabula kakhulu ngesikhathi uBabes nodadewabo uNondumiso Simelane bemqasha ukuthi ayobabeka emcimbini thizeni nokaDJ Tira owawuKwaMashu.
Uthi wakhokhelwa ngohambo lokuqala kodwa kolwesibili kwajika ukudla epuletini.
Uthi ngesikhathi ebathatha eWestville uBabes wamcela ukuthi amnike imali yokuthenga ama-pad wamnika ukheshi. Uqhuba athi ngesikhathi sebefikile emcimbini wamtshela ukuthi angeke akwazi ukungena ngoba akayenzile i-make up wacela ukuthi amhambise endlini kodwa ngemuva kwalokho wangamkhokhela. Uthi baphinde bamgila bamcela abahambise eThe Sails eShaka Marine kodwa bangamkhokhela.
“Ngiyazisola ngokumosha isikhathi sami no-petrol wami. Ngiyazi kwabanye bangathi lo R900 muncane kodwa kumina usho into enkulu. Ngangicabanga ukuthi kumnandi ukusebenza nama celebrity kanti ngizilandela usizi,” esho.
