Uncategorised

UZUMA UGXEKA ABOKUFIKA ABAKULELI NGOKUNGEMTHETHO

UMNUZ Jacob Zuma uzoya kohlanganisa amehlo noNgizwe oshiselwe wonke umuzi wakhe. ISITHOMBE: KZNMKP

NOMCEBO NGEMA

OWAYENGUMENGAMELI wezwe kuleli ophinde abe umholi nomsunguli weqembu lo-Umkhonto Wesizwe Party (MKP) uMnuz Jacob Zuma, uthi ingukwedelela lento eyenziwa abokufika yokuthi bavele bazingenele kwelakuleli bengaphethe zicucu ezigunyaziwe.
UZuma usho lokhu ngesikhathi enengxoxo (video call) naloyo ozibiza ngoMengameli waMabhinca uNgizwe Mchunu, emkhalisa ngesehlo esimehlele sokushiswa komuzi wakhe eMadundube, eMbumbulu ngeSonto ntambama.

UZuma uthi uzoya emzini kaNgizwe ayobona umokalo.
“Ngizofika nami ngizokukhalisa ngoba lapha emhlabeni kunabantu abayinkinga abenzisa okwezilwane. Laba bokufika bathuma abakuleli ukuthi bahambe beyokwenza izinto ezingalungile ebese bebakhokhela. Kukwedelela ukuthi abantu bavele bangene nje ezweni labantu bengaphethe zicucu, futhi bangene bahlale banethezeke. Lento egcine yenzeka e-Eastern Cape lapho kwabekwa khona iNkosi engumuntu wokufika kuleli kwakungukwedelela. Ngiyadabuka kakhulu ngalokhu okukwehlele kodwa ngizofika ngizokhala,” kusho uZuma.

Phambilini uNgizwe uke wakuveza ukuthi unezitha eziningi futhi kusukela ngonyaka ka-2021, impilo yakhe yashintsha ngesikhathi elwela uNxamalala ukuthi akhishwe ejele lapho okwanyakaza iKwaZulu-Natal yonke kwatatshwa ezitolo.