UNTULI UTUSE UKUKHUTHALA KWEZOLIMO KOWE-OSS

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehamba neMeya iNkosi Shabalala no Meya uCllr Mduduzi Myeza beyobona amasimu. ISITHOMBE:UMUSA MEDIA
ZETHU PHOSWA
KULOKOZE inhlasi yethemba kuNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ehambele amasimu emifelandawonye ayi-22, akhombise izinga elihle lokunakekelwa, ngaphansi kohlelo lwe-Operation Sukuma Sakhe,okuwuhlelo okuhloswe ngalo ukuthuthukisa indlela yokuhambisa intuthuko emphakathini.
UNtuli uthi abakubone kule ndawo kunike ithemba, lokuthi angeke ibe nendlala, njengoba umcebo ulele enhlabathini.
“Kungijabulise kakhulu ukubona izwe elinothile ngenhlabathi, abakwazi ukuyisebenzisa ngendlela efanele. Abantu manje sebengamavila kanti umcebo usenhlabathini, futhi ukwazi ukuphakela umphakathi uphinde ubeke isinkwa etafuleni, “ kuncoma uNdunankulu uNtuli.
Ube esegqugquzela ukuthi abantu abanamabhizinisi emakhaya abangasebenzi ngendlela endala kodwa kube ibhizinisi elinohlelo lwebhizinisi oluqondile (Business Plan), ukuze bakwazi ukuzibekela iminyaka yokwenza inzuzo nokuzimela okuphelele.
IMeya uCllr Mduduzi Myeza ugqugquzele laba balimi ukuthi baliphathe kahle, balikhulise leli bhizinisi.
Ube esezibophezela ukubathengela amathangi amanzi labo abashoda ngamanzi.
