Uncategorised

I-DURBAN CITY YETHULE UMQEQESHI OYINKUNZI EMIDWAYIDWA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA noMABUNHLE MLABA
umusamedia1@gmail.com

IDURBAN City seyithule ngokusemthweni umqeqeshi omusha uGavin Hunt.
IDurban City ithi ibambe ufishi omkhulu osumklantshubomvu kule ndima, njengoba bengananazi ukuthi uzofika noguquko olusha, oluzo beka leli qembu lebhola kwibalazwe.
“ Impela sithole inkunxi emidwayidwa eyazakhela igama ngokuwola izindondo. Sinethemba elikhulu ukuthi iDurban City izokwenza kancono kwi-2025/2026 yeBetway Premiership,” besho.
Basho bangaba bokunanaza ukuthi leli qembu lisezandleni ezifudumele kuHunt.
“Siyakwamukela kuleli khaya. Siyakholelwa kakhulu kuwe ngenxa yesipiliyoni berekhodi elihle,” besho.
UGavin Hunt kulindeleke asizwe uKaitano Tembo aseke wasebenza naye kwiSuperSport United futhi kubhekwe ukuthi kufike uRowen Fernandez ozoba umqeqeshi wonozinti.