Izindaba

USEYISILOMO OWESIFAZANE OVIKELE INDODAKAZI IDLWENGULWA

OWAMI THABETHE

INGUNDABUZEKWAYO ekaNksz Nokubonga Qampi wase-Eastern Cape, kulandela ukuhlenga indodakazi yakhe inukubezwa ngokocansi, ngamadoda amathathu nyakenye. Lesi sigameko sathinta kakhulu izinhliziyo zabantu, baze bamtusa lona wesifazane, bametha igama elithi ngu-‘Lion Mama’.

UNksz Qampi wathola ucingo olwaluphuthuma lumazisa ukuthi indodakazi yakhe yayimemeza ingaphakathi endlini, futhi kusolakala ukuthi isengozini.

ULion Mama kuthiwa wazama ukucela usizo emaphoyiseni, kodwa ngenxa yokungalutholi ngokushesha, wagijima waziyela mathupha ekhaya eyobheka indodakazi yakhe.

Wathi uma efika wathola amadoda amathathu enukubeza ngokocansi indodakazi yakhe. Kuthiwa waya ekhishini wathatha ummese waqonda ngqo kula madoda eyozama ukuhlenga indodakazi yakhe.

Kulesi sigameko, omunye wabasolwa uMnu Zamile Siyeka washonela endaweni, kanti amanye amadoda amabili alimala kanzima aseboshwa kamuva. Naye uNokubonga waboshwa, kodwa umphakathi wavuka umbhejazana, waphoqa ukuthi akhishwe ejele.

I-National Prosecuting Authority (NPA), yanquma ukungamshushisi uNokubonga, ngemuva kokucubungula izimo zesigameko kanye nezimiso ezithinta ukuzivikela.

Amadoda amabili asinda kulesi sigameko agwetshwa iminyaka engama-25 ebhadla ejele, kanti uNksz Qampi namanje usabungazwa njengomama owaba yiqhawe evikela ingane yakhe.