OWAKULELI UNQOBE ISICOCO SELIGI ECYPRUS

USENQOBE isicoco sakhe sesithathu eCyprus uMihlali Mayambela.
ISITHOMBE:FarPost
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMDLALI weBafana Bafana kanye ne-Omonia Nicosia, uMihlali Mayambela, usenqobe isicoco sakhe sesibili seligi yaseCyprus.
Iqembu lakhe i-Omonia Nicosia liqinisekise ukunqoba isicoco seligi nakuba kusekhona imidlalo emine esele.
Leli qembu linqobe isicoco seligi sokuqala kusukela ngesizini ka-2020/21.
UMayambela oneminyaka engu-29 ubudala, ongumfowabo kaMark Mayambela owake wadlala ku-Orlando Pirates naseCape Town City, ujoyine iNicosia ngoMasingana esuka ku-Aris Limassol. Ngaleso sikhathi wayesalelwe yizinyanga eziyisithupha enkontilekeni yakhe kodwa uMayambela neqembu bavumelana ngokuhlukana.
UMayambela uqale ukubonakala eqenjini lakhe elisha ngoNhlolanja, wadlala umdlalo owodwa kuphela ngaphambi kokulimala, okwamenza wangakwazi ukubuyela enkundleni kuze kube manje. Lokhu kuphinde kwamenza waphuthelwa imidlalo yobungani yeBafana Bafana yokulungiselela indebe yomhlaba.
Kwi-Omonia Nicosia wasayina inkontileka yeminyaka emibili nengxenye kanti esagijimela i-Aris Limassol, wadlala imidlalo engu-125, washaya amagoli angu-19, wakha angu-15.
Ukudlala kwakhe phesheya kwezilwandle kumvulele amathuba amasha njengoba esewine izicoco ezimbili zeligi kanye neCypriot Super Cup ngo-2023.
Lo mdlali wakuleli waphuthelwa yi-Africa Cup of Nations ebiseMorocco kulo nyaka, nakuba ayeyingxenye yeqembu elathola indondo yethusi ngo-2023.
