ABE-PIRATES ENGOZINI YEMOTO

MABUNHLE MLABA
I-ORLANDO Pirates isiqinisekise ukuthi umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou namanye amalungu eqembu ayi-5 abandakanyeke engozini yemoto ngeSonto ebusuku, aphuthunyiswa esibhedlela.
Ngokwesitatimende iPirates bakuqinisekisile bathi akekho olimale kanzima.
“Ingozi yenzeke emgwaqeni uR21 highway. Iqembu belibuya kodlala eGqeberha lapho lisebenze kanzima lihlula iChippa United ngo 3-0. Kule ngozi lapho kungqubuzane khona ibhasi nezimoto ezimbili obekukhona umqeqeshi u-Ouaddou namanye amalungu ayisihlanu. Kuqhamuke imoto yohlobo iNissan NP200 yashayisa izimoto ebezimile kwase kulimala abantu bePirates, ngesikhathi beyotakula kwingozi ebekuyo kukhona umqeqeshi. Baphuthunyiswe esibhedlela lapho belashwa khona.”
