KUZOHLOMULA IMINDENI EYI-10 NGEZINDLU EMLALAZI

IMEYA kaMasipala waseMlalazi uCllr Queen Xulu nethimba lakhe beyohlola isimo kweminye yemizi ezohlomula.

OMUNYE umndeni ozohlomula ngendlu kanomusho. ISITHOMBE: UMLALAZI MUNICIPALITY.
NOMCEBO NGEMA
UMASIPALA waseMlalazi, eShowe oholwa iMeya uCllr Queen Xulu ngokubambisana nemboni yakwa-Tronox, baphume umkhankaso wokuhambela iziza zalabo abazohlomula ohlelweni lokwakhiwelwa izindlu.
Uthi ibalelwa kwi-10 imindeni ezohlomula kulolu hlelo eqhamuka kumawadi ahlukene ayisi-8.
Le mindeni ihlonzwe njengeminye yemindeni exakekil, okubalulekile ukuthi kungenelelwe kulethwe ushintsho kuyo. Ingxenye yayo le mindeni izakhiwo zayo azisekho esimeni esigculisayo kanti nabazali abasekho emhlabeni kodwa amakhaya asamile abhekwe yizingane.
Lolu hlelo luzoletha ushintsho olukhulu empilweni yezakhamizi zaseMlalazi kanti futhi luzobuyisa nesithunzi kule mindeni. Kulindeleke ukuthi kuqalwe ukusetshenzwa emavikini ambalwa ezayo, umphakathi uzibonele ngamehlo intuthuko.
Imindeni ezohlomula nezigodi kumi kanje:
UWard 1 Ezimpisi- Umndeni wakwaNdiyane
UWard 1 Ezimpomgo eziphezulu- Umndeni wakwaMhlongo
UWard 7 eSaroni- Umndeni wakwaMbambo
UWard 28 eNyanini- Umndeni wakwaMkhwanazi
UWard 11 eSunnydale- Umndeni wakwaKhanyile
UWard 27 eNcemaneni- Umndeni wakwaDlulda
UWard 27 eMhlathuzana- Umndeni wakwaMbatha
UWard 26- Umndeni wakwaMdletshe
UWard 21 kwaQwayinduku- Umndeni wakwaMhlongo
UWard 16- Umndeni wakwaNzuza.
