UZALO LUQASHE ABATHATHU

MABUNHLE MLABA
UKHUZA ibuya kuZalo umlingisi uNelisa Mchunu owashiya eminyakeni edlule wayolingisa kweminye imidlalo emikhulu.
UNelisa uzobuya aqhubeke adlale indawo kaFikile kanti uzofika kanye nabanye abalingisi ababili okungo Mondli Nkomo noJamy Lee Simons kulo mdlalo othandwa kakhulu ku SABC 1.
UMondli uzodlala indawo kaMr Dongwe kanti uJammy Lee uzodlala indawo kaJoanne Davids ongunina wentombi kaNkanzimulo u-Ashley.
Kuzoshuba KwaMashu njengoba ezofika ngesikhathi esibi kuthunjwa uNkazimulo bese impilo yendodakazi yakhe isengcupheni.
Ngemuva kweminyaka emine ahamba eshiya isoka lakhe uSbu likhungathekile, ukubuya kukaFikile kuvusa umunyu nenhlasi yothando esokeni lakhe lakudala ebeliyisigebengu kodwa manje sesiphendukile laba umfundisi. Ephawula ngokubuya kwakhe uthe. “Abantu bengalindela loya mfutho ofana nokaBeyonce kuZalo. Uzalo kumina lufana nekhaya lesibili futhi ngohlale ngilibonga njalo ngokungikhulisa okwenze ngaze ngabonwa abanye ababhali beminye imidlalo,” kusho lo mlingisi.
Laba abalingisi bazoqala ukubonakala kule nyanga.
