Uncategorised

UMZUKULU UBONGA UTHANDO NOKWESEKWA AKUTHOLILE

UMZUKULU ogile ezibukwayo ngempelasonto ePlayhouse, eThekwini. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMZAMO MNTUNGWA

ISILOMO somculi kamaskandi esingaconsi phansi kwabaningi, ngenxa yamanoni ezingoma zothando aziqhululayo uMzukulu, ubonge izinkumbi zabantu ebebephume ngobuningi babo emcimbini wokubungaza i-album yakhe, ayikhiphe ngonyaka odlule.
Lo mcimbi obizwa ngoMzukulu Album Tour ubusePlayhouse eThekwini ngempelasonto.

Uthi okumjabulisa kakhulu ukuthi abantu bedele konke beza bazobungaza kanye naye, lo msebenzi ophume ngonyaka odlule futhi owenza kahle kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. “Ukubonga kwami kuncane kakhulu kunalokhu eningenzele khona, ngoba ngiyaqala ukukhipha umsebenzi owesekwe kangaka. Isizathu esingenze ngakhetha le ndawo yingoba bengingalindele ukuthi ngizothola ukwesekwa okungaka, kwaze kwangiphoqa ukuthi umcimbi ngiwenze ube namahlandla amabili. Umcimbi wesibili engizowenza ngizobheka indawo enkulu ngoba baningi abantu ebebefisa ukuba ingxenye yalo mcimbi kodwa bavinjwa ukuthi indawo incane. Lo mcimbi usuzoba minyaka yonke, ezindaweni ezihlukahlukene,” kusho uMzukulu.