Uncategorised

KUGQUGQUZELWE UKUVIKELA NOKUTHUTHUKISA ULWAZI LWESINTU

UMNTWANA Wiseman Nkunzikazulu Zulu

ZETHU PHOSWA

KUQHAKAMBISWE ukubaluleka kokuvikela nokuthuthukiswa kolwazi lwesintu, ukuze kutshalwe ulwazi oluyingqayizivele kulondolozwe okungamagugu esintu.
Lokhu kuvezwe uMntwana uNkunzikazulu, ngesikhathi kunengqungquthela yokuqhakambisa ulwazi lwesintu iProvincial Indigenous Knowledge Summit, Ongoye namuhla.
“Kunezigaba ezenza sithande ulwazi lwesintu, okuwulwazi oludluliselwa kwisizukulwane nezizukulwane. Lokhu kuvezwa ngenhlanzeko yomuntu, okukapakela ekutheni sikwazi ukulondoloza nokuvikela nokuthuthukisa ulwazi lwesintu.,’ kusho uMntwana Nkunzikazulu.
Uthi ukuthekela kolwazi akwamanye amazwe kubalulekile kodwa kufanele kubhekwe, ukuthi impilo nosikompilo kwethu kunakho yini ukufana nendlela izwe lethu eliphila mgayo.
“Siyathekela nakwamanye amazwe ngokubeka ukuthi sicishe siphile ngendlela efanayo yini. Isihlahla sibaluleke kakhulu ngoba siyaphilisa, ezinye zazo zingamagugu ngoba zitholakala kithina kuphela. Ulwazi lwesintu okubalwa ukubulawa izinkanyezi lapho, osozinkanyezi bebona ikusasa lezwe nokuthi konakele phi, ” esho.
Uthi ezinye izinto ukuze zenziwe kufanele kuqhamuka uphawu oluthile, ukuze lowo mcimbi ube ngophelelisiwe.
” Uma ukugcotshwa inkosi kufanele kube nophawu kwalowo mndeni olukhombisa ukuthi leyo nkosi , yiyo efanele ukuhlala esihlalweni.
“Kuba nophawu oluthize uma kugcotshwa Inkosi, eyaziwa yizazi zakhona. Ulwazi lokwazi ukuthi sekuyiphi inkathi yonyaka, ngezimpawu zakhona, ngale kokubheka kwikhalenda kodwa okubalwa ukuzwa emxibheni nokubheka isibhakabha,” esho.

Uthi kubalulekile ukuqonda ulwazi lokwenza izinto ngesikhathi esifanele ngenxa yokuqonda imvelo