Uncategorised

UGXEKIWE UMFEQUZO KA-PENNY NTULI

MABUNHLE MLABA

SIGXEKIWE isenzo sesilomo somsakazi ophinde abe yi-influencer uPenny Ntuli sokuzishutha nomngani wakhe befequza emgwaqweni ophithizelayo kudlula amaloli nezimoto.
Kube nokuphithiza ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kubonakala lo msakazi weJozi FM egila lomkhuba
I-Road Traffic Management Corporation (RTMC) isigxekile lesi senzo yathi singase siphazamise abashayeli futhi sibeke abashayeli kanye nabo engozini. I-RTMC iwukhuzile lo mkhuba yathi abantu abawuyeke ngoba benzela ukukhuphula izinombolo zokulandelwa ezinkundleni zokuxhumana. Ithe akukho emthethweni ukuthi abantu abahamba ngezinyawo bahambe kuthelawayeka kanti-ke eyokuziphatha okwenziwe ilo msakazi abayizwa ngempela.
UPenny wake waba sematheni ngonyaka odlule ngesikhathi eveza ukuthi iGagasi FM lamnika inkontileka yomholo ka R2,800 ngenyanga. Wawunqaba ethi ufana namakinati ezeseka ngokuthi unabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana kunabanye ozakwabo kulesi siteshi esenza inzuzo esizinze eCornubia eThekwini.
Watakulwa iJozi FM engumsakazo womphakathi ethandwa kakhulu eGoli.
Nakuba enogazi kubantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana kodwa baningi abamgxekile ngalesi senzo sakhe.