Uncategorised

UKHAWULA UZOKWETHULA IZINHLELO ZAMACIKO ZOKUPHELA KONYAKA

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula okulindeleke ukuthi athule izinhlelo zokuphela konyaka. Isithombe: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula uzokwethula ngokusemthethweni izinhlelo zomnyango ngalesikhathi samaholidi kakhisimusi noncibijane, EKZN Music House, eThekwini namuhla.

UNgqongqoshe uKhawula uthi inhloso yalezi zinhlelo ukukhuthaza amaciko ukuphefoma bukhoma.
“Lezi nhlelo zokuphela konyaka ziyinkundla yokunika amaciko akulesifundazwe ithuba lokuzibonakalisa kubathandi bomculo, futhi zibanika ithuba lokukhombisa okanye lokumaketha umsebenzi wabo kubantu okungaba izingoma, umbhaqanga njalo njalo. Imicimbi ezoba khona izokhuthaza amalunga omphakathi ukuthi ahlale ephapheme, abe nempilo futhi abe namaholidi aphephile,” kusho uNgqongqoshe.
Kulo mcimbi uNgqongqoshe uzophinde athule uhla lwemicimbi exhaswe umnyango kulenyanga kaZibandleka kuze kube uMasingana.