I-BANYANA BANYANA ILAXAZWE ISETHENJWA

MABUNHLE MLABA
SESIPHUMELE obala isihlabani seBanyana Banyana uJermaine Seoponswe ngesinqumo sayo sokuyeka ukudlalela iqembu lesizwe.
Lo mgadli waseCape Town ubesedlalele iBanyana Banyana iminyaka engaphezulu kweyishumi kanti ubengomunye wezithenjwa.
Umemezele ukugcina kwakhe ukuzibandakanya nebhola ngemuva kweWomen’s Cup of Nations (Wafcon) ebiseMorocco.
Ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide, uSeoposenwe uveze ukuthi ubengaphathekile kahle isikhathi eside. “Njalo uma şizoya kodlala umqhudelwano besihlale silwa ne-SAFA ngendaba yamabhonasi. Besinikwa uR15 000 njalo uma siwina umdlalo. Okunye obesekungicike kakhulu ukulokhu silwela ukutholelwa inkundla yokuzicija ekahle nezinto zokudla,” esho.
Le ntokazi eneminyaka eyi-31
yadlala indima enkulu ekunqobiseni I-WAFCON tango 2022.
Uke waba yingxenye eyadlala kwi-2023 Fifa Women’s World Cup e-Australia alpha elakuleli lakhishwa kuRound 16. Njengamanje udlalela iqembu laseMexico I Monterrey, lapha aveze khona ukuthola ukujabula ngokwenyama nangengqondo. USeoponswe ungumdlali wesibili oqavile osenqume ukungazihlanganisi neBanyana Banyana.
