SEKUMI NGOMUMO NGEZIVIVINYO ZIKA-MATRIC

UNdunankulu uNtuli noNgqongqoshe Hlomuka
AKHONA DLAMINI
SEZISEMOME izivivinyo zika-matric, kanti uhulumeni waKwaZulu-Natal uthi konke sekumi ngomumo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli noNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka bahambele emahhovisi, lapho kugaywa khona iphepha likamatikuletsheni eThekwini, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi konke sekumi ngononina.
UNdunankulu uNtuli uthi lolu hambo luhlelwe ngenhloso yokuhlola izindlela zokuphepha zesikhungo, ukusebenza kahle kwaso, nokulungela ukusabalalisa izivivinyo ezikoleni KwaZulu-Natal l.
UHlomuka uthe njengezikhulu ezisebenza kwahulumeni basebenza ngokubambisana yingakho kukhona uNdunankulu, ukuzobona ukuthi ikhona yini inqubekela phambili. “Njengoba sisebenza ngokubambisana nje,kunekomidi elifaka yonke iminyango kahulumeni noMasipala ababhekene ngqo nezivivinyo, ngenhloso yokuthi uma kukhona ukungaboni ngaso linye nomphakathi baphuthume kuqala kungaphazamiseki izivivinyo,” kubeka uHlomuka.
