I-DA IFUNA KUNQANDWE UKWEBIWA KUKAGESI ETHEKWINI

UKWEBIWA kukagesi kusaqhubeka nokubhebhethekisa ukukhathazeka eThekwini.ISITHOMBE: FACEBOOK
LINDELWA MAGWAZA
I-DEMOCRATIC Alliance, ithi sekuyisikhathi sokuthi uMasipala weTheku uqinise umkhankaso wokulwa nokwebiwa kukagesi nokuvikela ingqalasizinda yomphakathi, njengoba le nkinga iqhubeka nokuphazamisa ukuhlinzekwa kwezinsiza kubahlali.Lokhu kuza ngemuva kokuthi leli qembu liveze ukukhathazeka ngokwanda kokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, nokucekelwa phansi kwempahla kaMasipala.
I-DA ithe lokhu akugcini ngokubeka engcupheni ukuphepha komphakathi kuphela, kodwa kuphinde kudale ukulahlekelwa yimali okungathinta ukuhlinzekwa kwezinsiza.Okhulumela iDA eThekwini futhi efolise ngaye kwesobuMeya eThekwini, uHaniff Hoosen, uthe sekudingeka kube nokubambisana phakathi kukaMasipala nezinhlaka eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, ukuze kuboshwe labo abathintekayo ekwebiweni nasekucekelweni phansi kwengqalasizinda. Uthe ukungathathelwa izinyathelo kwalaba bantu kugqugquzela ukuthi ubugebengu buqhubeke.
“Sizophikelela ekufuneni uMasipala ukuthi uqinise ukuvikelwa kwengqalasizinda, uqinisekise ukuthi bonke abasebenzisa ugesi bayawukhokhela ngokusemthethweni, ukuze umthwalo ungagcini usuthwalwa yizakhamuzi ezithobela umthetho,” esho.
