
ABESIFAZANE BAGXEKE ISILO NGOKUBUKISA NGOMKASO

UNDLUNKULU weSilo uMaMyeni waseMachobeni ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi woMhlanga eMashobeni.
ISITHOMBE: SPHAMANDLA MBHELE
AYANDA PHOSWA
UHLULEKE ukuzenzisa uNdlunkulu weSilo uKaMyeni, kulandela ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sikhuza isihlava sodlame lobulili (GBV) KwaZulu-Natal, senza ihlaya ngodaba olwaputshukayo lweStella, ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi woMhlanga eMashobeni ngoMgqibelo mhla ziyi-12 kuMandulo.
UMdolomba ubonakale eswaba, ehlengezela izinyembezi, ngesikhathi iSilo senza ihlaya ngevidiyo ethinta sona, eyasabalala kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye besifazane bazwelane kakhulu noMdolomba, behlaba iNgonyama ngokwenza ihlaya ngezindaba zakhe nomkakhe esidlangaleleni.
“Ngaphezu kwezinhlamba ametha zona usaqhubeka nokumenza inhlekisa phambi kwabantu,” besho.
Kule vidiyo kuzwakala iSilo sikhuluma amagama ayilumelayo ewabhekise kuNdlunkulu uMaMyeni, ephenduke ihlaya kuwo wonke umuntu ngaphandle kwakhe uMdolomba, njengoba kubonakale ngathi lihlabe lephukela kuye, wabheka phansi unomphelo ngesikhathi abanye behleka.
