Uncategorised

UMFILISENI NO-THENJIWE BAMANGAZE ABANINGI

UTHENJIWE noMfiliseni Magubane

MABUNHLE MLABA

UKHETHE ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngokunika ozakwabo emkhakheni wamahlaya ingqayizivele yethuba lokuyohlekisa okokuqala ngaphandle kweNingizimu Afrika.
UThenjiwe Moseley usanda kushiya abantu befile insini kubuhlungu nezisu kwiThenjiwe Unplugged ayiqale ePlayhouse eThekwini wayoyigoqela eMbambane Theatre Club eSwatini.
Le ntokazi yaKwaMashu, kodwa esizinze e-United Kingdom, iwele umngcele yaya kweleNkosi uSobhuza Mswati noFlymotion noThando Mseleku, abebeqala ukubeka imicondo yabo kuleliya zwe elingomakhelwane.
UFlymotion noThando, abaqale ukuzakhela udumo ngama-skits (ama-video) ngamahlaya ku-social media, babonge uThenjiwe ngokubanika ithuba lokuyokhombisa amakhono abo kwelinye izwe. Baveze ukukujabulela ukuthakaselwa komsebenzi wabo abantu baseSwatini.
Bathe nabo banephupho lokufinyelela e-Europe bayoqhakambisa amakhono abo.
UThenjiwe uthe uqoke ukusondeza labo mahlaya ngoba naye waqala emazingeni aphansi enza ama skits kanti usebenzile nabo besafufusa.
Uthe kumqoka ukuthi nabo bakhule njengoba yena esenenhlanhla yokwenza ama tours emazweni anjengoScotland njengoba esanda kwenza iMandela Effect ethakaselwe kakhulu. “Ngiwumuntu ongenawo umona uma ngibona ithalente,” usho kanje. ESwatini bebemenywe uMdura ongomunye wosomahlaya abahamba phambili kuleliya zwe. Batholane ezinkundleni zokuxhumana base beqala ukusebenzisana.
Emahlayeni abeseThekwini uThenjiwe uthinte ukuvimbeka kwabantu ngesikhathi kuhlasele iCovid 19 emhlabeni.
Ngemuva kokubona odado endaweni yomcimbi ubuze abantu ukuthi bakwazi kanjani ukwenza ucansi njengoba kwakungavunyiwe ukusondelana eduze.
Lo somahlaya umangaze izihambeli ngesikhathi evala umcimbi ngokudonsa esiteji umculi kamaskandi uMfiliseni “Mqabulasheshe” Magubane omculele inoni eliqanjwe ngaye u”Thenjiwe” kwachazeka abantu.