UHLENGIWE MHLABA UZOGUBHA IMINYAKA EYI-20 KOWOKHOLO

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UMCULI woKholo uHlengiwe Mhlaba uzogubha iminyaka eyi-20 eyibambile kule ndima, ngedili aliqambe ngokuthi 20 Years of Grace elizokuba seThe Playhouse eThekwini, mhla ziyi-22 kuMarch.
UHlengiwe uthembise abalandeli bakhe, nabazohambela le ndumezulu ukuthi uzodedelana amanoni endumiso, okubalwa uJesu Uyalalela, Sewakhile neRock of Ages, azowathaka namanye amaculo asanda kuwakhipha. Uthe okunye okungalindelwa ukuthi uzomema abaculi abazodumisa. Uthi kulo mcimbi uzobonga kuNkulunkulu umusa ongaka, amnike wona yonke le minyaka.
UHlengiwe akathandanga ukudalula amagama abaculi abazoba izimenywa eziqavile negama lomculi ozobonakala ecula naye.
“Ngalobu busuku ngizobe ngibheka indlela esengiyihambile emculweni wokholo kodwa okumqoka ukuthi ngizolugubha nabo bonke esengigudle nabo. Zonke izingoma ebengizicula beziyithola indawo ezinhliziyweni zabantu abaningi, iningi belilapheka ezinhliziyweni futhi zibasondeze kakhulu noNkulunkulu,” esho.
UMhlaba ubalwa nabanye abaculi bakuleli abahlonishwayo, lokho kufakazelwa ukuthi usenqobe inqwaba yezindodo ngomculo wakhe.
Asekuzuzile ngomculo wakhe kubalwa iSouth African Music Awards (Samas) nakuma Crown Gospel Music Awards.
Uthi thalente lakhe selimzungezise emazweni amaningi, useke wanandisa eziteji ezinkulu kanti abaningi abayikholwa into yamehlo ayenza enkonzweni yomngcwabo kaNelson Mandela eFNB Stadium eminyakeni eyedlule.
Useke wahlomula ngezindondo okubalwa iSouth African Music Awards (Sama) nakuma Crown Gospel Music Awards.
