LIBHONGE EMSWANENI KWAMTHETHWA IKHABINETHI LASE-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal ehola ikhabhinethi beyohlanganisa amehlo nomndeni wakwaMthethwa.
NOMCEBO NGEMA
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ubehola ikhabhinethi yaKwaZulu-Natal beyobhonga emswanini kwaMthethwa kwaMbonambi, eMpangeni. UNdunankulu utshele abezindaba ukuthi uMnuz Mthethwa uzohlonishwa ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili. “UMnuz Mthethwa ubengumholi ozithobile, onobuhlakani futhi ebathanda abantu. Akuyona kuphela iKwaZulu-Natal elahlekelwe kodwa isizwe sonke sigqemeke engeqiwa ntwala. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wonke wakwaMthethwa, abangani, izihlobo kanye nakubona bonke ozakwabo,” kuphetha uNdunankulu.
UMnuz Mthethwa kulindeleke ukuthi abekwe endlini yakhe yokugcina ngesonto ekhaya eMpangeni.
