
UNCONYWE OKOKUQALA OWENHLAMBA ENIKELELA UJACINTA

UJACINTA Ngobese Zuma ongumholi weMarch and March .

UTHABANI Hlatshwayo ophe uJacinta isamba semali.
ISITHOMBE: IZINQWELE ZIKAMASKANDI
OWAMI THABETHE
OWODUMO lwenhlamba othuka abantu ezinkundleni zokuxhumana uThabani
Hlatshwayo, wenze obekungalindelekile kuye, ngesikhathi egixabeza umholi weMarch and March ngemali.
UHlatshwayo ugixabeza Jacinta Ngobese Zuma, ngesamba semali engango R50 000 ngesikhathi bexoxa bukhoma kuTikTok phambi kwabalandeli bakhe.
Uthe ngalomnikelo uphosa esivivaneni eskhwameni sikaJacinta futhi akuhlobene nhlobo ne March and March. UThabani uthe into afuna abantu bayiqonde ukuthi uJacinta akayicelanga lemali, kodwa umupha ngokusuka othandweni.
“Akangicelanga imali. Mina ngibone kufanele ukuthi ngimnike yona, ngoba ngifuna azitotose ngayo yena, izingane zakhe nomyeni wakhe,” kusho uThabani.
UThabani udume ngesikhathi esusa umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana emasontweni adlule, esabalalisa amavidiyo ethuka iSilo uMisuzulu kaZwelithini kanye noNyazi ekhuluma amagama ayiziswana ewabhekise kubona.
Uphinde wathi nakuba uJacinta engeyena umuntu oswele, lokho akusho ukuthi akumele asekwe.
