USHINGA USEFAKE ABEZIPOTI KWEYOKULWA NEZIDAKAMIZWA NOKUKHULELWA KWENTSHA

ISITHOMBE: PEOPLE’S ASSEMBLY
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUKHUPHUKA kwezibalo zokukhulelwa kwentsha KwaZulu-Natal, sekuholele ekutheni uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi afake abanikazi bezipoti ukulekelela ukulwa nezidakamizwa nokukhulelwa kwentsha.
UNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga ukusho lokhu esezinkundleni zemidlalo Ugu, ngesikhathi kuvalwa umkhankaso wokulwa nodlame nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, wezinsuku eziyi-16.
“Isikhathi samaholidi isikhathi esincane, kodwa esingona impilo noma ikusasa lomuntu ikakhulukazi intsha. Intsha ayingadli izikhuthazi eziyenza igcine izibandakanye ocansini olungaphephile olubanga izifo zocansi, ukukhulelwa okungahleliwe, kanye nobugebengu imbala. Abanikazi bezipoti bazoqinisekisa ukuthi abadayiseli izingane ezineminyaka engaphansi kweyi-18. Intsha ekhulelwa kakhulu kule ndawo eneminyaka esukela kweyi-13 ,’ kusho uNgqongqoshe uShinga.
Uthi nakuba kusongwa umkhankaso wezinsuku eziyi-16 zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kodwa bona bewumnyango babone kungcono bahlanganyele nabezindawo zokucima umoya, ukubayala nabo bangadayiseli abantwana abangaphansi kweminyaka egunyaziwe. Labo abasezindaweni eziseduze nemizi, bavale ngelesishiyagalolunye ebsuku.
Uphinde wathi bona njengoMnyango bazoqhubeka nokushaya ikhwela lokulwa nodlame nokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane, wabe esebalula izindawo ezinenkinga.
“Indawo yaseMzumbe neyaseZingolweni, yizona zindawo ezinezigameko eziningi zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Sizosebenzisana nezinhlangano ezizimele nezingenzi nzuzo ukulwa nalesi sihlava,’ kubeka uNgqongqoshe.
Uthi izinhlangano ezizimele zikhale ngamacala okudlwengulwa, zithi iyaphuza ukubuya imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo, okwenza izisulu zingaphatheki kahle. Kanti male yokudedelwa kwabasolwa babonakale sebcanasa ngaphandle kungaziwa ukuthi kanjani, lokho kugcina sekuphazamisa izisulu.
Wathembisa ukuzithathela phezulu lezizikhalo.
