Uncategorised

INJABULO INCEKU IQOKWA OKOKUQALA NGQA KWEYONYAKA KU-KHOZI FM

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

ISIHLOKO sengoma ka-Andile KaMajola senze kwafezeka iphupho layo iNceku, kulandela ukuthi ingoma yakhe ethi “Liphakanyisiwe”, ingene kumncintiswano woKhozi FM kwingoma ezohlukanisa unyaka.
UMphostoli Andile KaMajola uthi akakwazi nokuyichaza indlela ajabule ngayo ukungena kwi Top 10 yoKhozi FM.
U-Andile kaMajola nguye oyibambe kowokholo kulonyaka.

Ukuvotela uMajola uthumela umqhafazo othi INGOMA I kunombolo ethi 35615
Ukuvota kuvalwa mhlaka 31 December ngo 12 emini.
Lo mncintiswano uvame ukuba nezixakaxaka zokungenami kwabalandeli nabalaleli, okubangwa yindlela abasuke bebona ngayo mayelana nokuqokwa kohlu, nokuwina kwengoma.