I-KZN IHAMBA PHAMBILI NGENANI LABANTU ABABHALISELE UKUVOTA NGEMPELASONTO

BEZIVULWE zonke izikhungo zokubhalisela ukuvota kulempelasonto esiphuma kuyona. ISITHOMBE: IEC
NOMCEBO NGEMA
ISIFUNDAZWE saKwaZulu-Natal sihamba phambili ngenani labantu, ababhalisele ukuvota ngempelasonto yokugcina yokubhalisa, nokuzihlola ukuthi ukhona yini ohlwini lokuvota, kukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba mhla zizine (4) kuLwezi. Bangaphezu kuka-238 000 abantu abasebenzise izikhungo zokuvota, abanye babhalisela ukuvota besebenzisa i- internet ngoMgqibelo mhla lulunye kuNcwaba kuphela.
UMnuz Sy Mamabolo oyisikhulu esiphezulu kwa-Independent Electoral Commission (IEC), uthe lokhu kukhombisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakuqonda ukubaluleka kokhetho oluzayo. “Labo abangakabhalisi basenalo ithuba lokwenza lokho noma babuyekeze imininingwane yabo kwi-internet. IKwaZulu-Natal ihambe phambili ngezibalo zabantu ababhalisele ukuvota njengoba beyizi-55 759, kwalandela i-Eastern Cape bangu-46 889, kwathi iGoli baba u-41 774,” kusho uMnuz Mamabolo.Uqhube wathi bangaphezu kuka-198 000 abantu ababhalise kwizikhungo zokuvota, kwathi abangaphezu kuka-20 000 basebenzise i-internet.
