USGWILI UCACISA NGABACULI ABANGEKHO OHLWINI

USgwili uthi imbila yaswela umsila ngikuyalezeka. Abantu abaphuthume bayothenga amathikithi.
ISITHOMBE:UMUSA EVENT
NOMCEBO NGEMA
UMCULI wokholo ongaconsi phansi kwabaningi ucacisa ngabaculi abangekho ohlwini lwabazonandisa njengoba ezobungaza iminyaka engama-20 esemculweni ngenyanga ezayo mhla ziyi-08 kuLwezi , eRoyal Show Ground, eMgungundlovu.
USgwili uthi ngakuyena akukhona ukuthi kukhona inkinga okanye ukungazwani, kodwa ubefuna into ehlukile njengoba esegxile kakhulu kwindumiso. Uthi abanye ebebezoba ingxenye kodwa banezinye izinhlelo abanazo. “Nginobudlelwane nenkampani iGrace Gate okuyinkampani ehlela imicimbi esihlale nayo phansi senza uhlu lwabaculi abazoshiyelana inkundla. Siyasekana kakhulu nabafowethu ngoba nami ngangingekho kuhla lwabazophefoma emcimbini kaThina Zungu kanye noka-Ayanda Ntanzi kodwa ngaya emicimbini yabo ngayobeseka,” kusho uSgwili.
Uthi inhloso enkulu yalomcimbi ukwakha uSgwili akhule kakhulu kunalokhu ayikhona. Ube esekhuthaza abantu ngokuthi bangakusabi ukuzama empilweni. “Kufanele ukuvumele ukungena ehlathini uklwejwe izihlahla, mina selokhu kwathi nhlo empilweni ngiyazama, ngifeyile kokunye ngiphumelele. Empilweni ngifunde ukuthi akufanele ngisabe ukuzama, kodwa kufanele into ngiyiqale ingifake ehlathini ukuze ngizokwazi ukuthi ngiphumele. Ukuzama ufeyile kwesinye isikhathi kusuke kukuqoqa kukuphaphamise,” kuqhuba uSgwili.
Le ndumezulu yomcimbi izobe ibophele uNingie Dlomo, Nozipho Phiri, Jumbo, Phuthuma Tiso, Londiwe Cele, Mthokozisi Zakwe, Ntokozo Ngongoma, Mbongeni Kheswa kanye noNkanyiso Miya. Abaphathi bohlelo uPhindy P ngokubambisana noZama Ngcobo (Madongwe) .
Uthi amathikithi ayatholakala eWebtickets, rPicknPay naseBoxer.
