Uncategorised

LUSEYINDIDA ELOKUBULAWA KWENYANGA

ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo emndenini wakwaMthembu. Isithombe: Facebook

NOMCEBO NGEMA

AYISEKHO emhlabeni inyanga yakwaMhlabuyalingana, ePhelandaba ebidumile uGodo Olulala Amankankane Mthembu, eyaziwa ngokuba nezingane ezingama-60 namakhosi kazi ayi-10.
Le nyanga ibulawe kabuhlungu njengoba idutshuliwe ebusuku bayizolo ngezikhathi zabo-22:00 kodwa akwangathathwa lutho. Imbangela yokudutshulwa kwayo ayikaziwa njengoba amaphoyisa esaphenya futhi akukaboshwa muntu.
Kubikwa ukuthi kuze kwashaya 02:00 ezintatha izolo ekuseni amaphoyisa ephithizela endaweni yesigameko. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnuz Mthembu ubengumnikazi wamatekisi amaningi eManguzi. Ushiye emhlabeni amakhosikazi akhe ayi-10 kanye nezingane ezingaphezu kuka-60, amazwi enduduzo alokhu engene njalo emndenini.