USEKHONJWE INDLELA UVILAKAZI KWICHIPPA UNITED

SEKUNGUMLANDO ukuthi uVusimuzi Vilakazi wake waqeqesha iChippa United.
ISITHOMBE: KickOff
MALIBONGWE MAZIBUKO
UVUSIMUZI Vilakazi usexoshiwe esikhundleni sokuba umqeqeshi weChippa United ngemuva kokuthi iqembu lakhe liguqiswe ngo 3-1 yiSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku.
Imithombo eseduze neqembu iveze ukuthi abaphathi beChippa bathathe lesi sinqumo kulandela imiphumela emibi eqhubekayo, okubalwa phakathi kwayo ukuhlulwa kanzima ngo 5-1 AmaZulu emdlalweni owedlule.
Kuthiwa uVilakazi, owaziwa nangokuthi “Kanu”, useyazisile ithimba lakhe lobuchwepheshe kanye nabadlali ngokuhamba kwakhe eqenjini ngokushesha.
IChippa United ihlezi endaweni ye-13 kwi-log ngamaphuzu angama-24 emidlalweni engama-27, kanti iphezulu ngamaphuzu amabili kuphela endaweni yokudlala imidlalo yokuhlungela okwehla esigabeni esiphezulu.
Ukuhamba kukaVilakazi kufika ngesikhathi iqembu lihlangabezane nesikhathi esinzima, njengoba enqobe umdlalo owodwa kuphela kweyisishiyagalolunye yeligi.
Ube ngumqeqeshi wesithathu ukushiya iChippa United kule sizini, kulandela ukuhamba kukaSinethemba Badela ekuqaleni kwesizini kanye noLuc Eymael phakathi nesizini.
IChippa United isalindele imidlalo yayo yokugcina yeBetway Premiership, lapho izobhekana khona neTS Galaxy, iGolden Arrows kanye neKaizer Chiefs njengoba izama ukusinda ekugawulweni izembe.
