Uncategorised

UMEYER UKHATHAZEKILE NGABESIFAZANE ABANGABOLEKWA IMALI EBHANGE

UNGQONGQOSHE wezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer, uthi kuyamkhathaza ukuchithwa kwabesifazane abangosonkontileka uma beboleka imali ebhange. ISITHOMBE: STEVE BHENGU

ZETHU PHOSWA

UKUCHITHWA kwabesifazane uma beyoboleka imali emabhange, ikakhulukazi abangosonkontileka, kuyamkhathaza kakhulu uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer.
Lokhu ukuveze ngesikhathi ethula ngokusemthethweni uhlelo iShe Build Advisory, okuwuhlelo lokwakhiwa kwezingqalasizinda, olusingethwe ngabesifazane bakulesi sifundazwe, izolo eWestville.

Uthi iyamkhathaza le yokuthi abantu besifazane abangosomabhisinisi abanebala elinsundu, bathwala kanzima uma beyoboleka imali (loan) emabhange.
“Kufanele baxhumane namabhange ukuze bezosebenzisana ngoba, iyasikhathaza kakhulu lento. Inhloso yethu ukuvala leli gebe lokushoda kwabesifazane kulo mkhakha. Into enhle ngabo ukuthi yonke imisebenzi eyenziwa ngabesifazane iqedwa ngesikhathi, futhi iba sezingeni elihle, “ kuchaza uNgqongqoshe uMeyer.