KUKHUTHAZWE ABESIFAZANE BAMPIMPE AMASOKA

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi ekhuluma nomphakathi waKwaMashu.
NOMCEBO NGEMA
KUNXUSWA abesifazane abanamasoka angasebenzi kodwa analo lonke uhlobo lwemali, izimpahla zokugqoka zakanokusho nezimoto , ukuthi bawabike emaphoyiseni ukuze aphenywe.
Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi kuqhubeka imbizo yokulwa nobugebengu laKwaMashu e-Indoor Sport Center izolo.
UNdunankulu uthi abesifazane abanamasoka angasebenzi kodwa anakho konke abawabike emaphoyiseni, ukuze aphenywe ngoba ngokwenza njalo bazobe bazisindisa bona ekubeni izisulu zokubulawa.
“Uma unesoka elihlale likupha imali, izipho zakanokusho futhi likwenzela yonke into kodwa ungazi lapho lisebenza khona bikela amaphoyisa ngoba ngelinye ilanga niyoxabana nalo ebese liyakubulala. Uma wazi ukuthi liyisigebengu futhi linenhlokohlela yesibhamu limpimpe emaphoyiseni libone ngamaphoyisa esethi memfu ngoba ngelinye ilanga liyokujikela,” kusho uNdunankulu.
Uthi kuyamjabulisa ukuthi izinga lokubulawa kwabantu kuleli lokishi lehlile lisuka kumaphesenti angama-59 kwehla wafika ku-54, kwathi ukudunwa kwezimoto kwehla kusuka ku-62 kwaya ku-38.
“Ngithanda ukushayela ihlombe amaphoyisa aKwaMashu ngokusebenza ngokuzikhandla ukunciphisa izinga lobugebengu, nokushaqa izibhamu ezingekho emthethweni ezingama-28 ngesikhathi eqhuba umkhankaso wokulwa nobugebengu. Nakuba kungijabulisa ukusebenza kwamaphoyisa kodwa ngikhathazekile ngezindawo azibike njengezidleke zobugebengu okuyisehostela, e-Isolezwe, ikumgwaqo uDumisani Makhaye Highway, isesigcemeni sakwa-K nesakwa-C,” kuqhuba uNdunankulu.
Uphinde wakhala ngabokufika abakuleli ngokungemthetho wathi abahambe baphindele emazweni abo, ngoba izinsiza abazithola mahhala okuyisezibhedlela, isemitholampilo nasezikoleni kusuke kungezabantu bakuleli, ebese abakuleli bangazitholi ngendlela efanele.
“Abokufika abangenawo amaphepha abahambe manje hhayi kusasa ngoba mkhulu umonakalo abawenzayo,” kusho uNdunankulu.
Ngaphambi kokuthi kuqale imbizo
UNdunankulu uNtuli uqale wavakashela isiteshi samaphoyisa KwaMashu, esigcemeni sakwa-E, uBrigadier Zuma ongu-Deputy District Commissioner eThekwini enikeze umbiko ngokwehla kwezibalo zobugebengu, nezingqinamba ababhekana nazo, wadlulela eKuvukeni Anglican Church eyohlangana nezinhlaka zokuphepha emphakathini.

IZINHLAKA zokuphepha komphakathi zibikela uNdunankulu ngezingqinamba ababhekana nazo. IZITHOMBE : OTP
