AZOQHUDELANA KOWESIFUNDA ANQOBE KU-UMBELE EVRYHEID

IZINTOMBI zibhikla ingoma ukuze zidlulele kumncintiswano wesifundazwe.

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ebongela intsha ephumelele kumncintiswano wamaciko.ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
WAMUKELWE ngesasasa umncintiswano wobuciko Umbele Wethu Cultural Festival, ehholo eKing Zwelithini eBhekuzulu eVryheid. Lo mncintiswano oba minyaka yonke ukhombise ukukhula okukhulu kulo nyaka, bekuqhudelana amaqembu aseBaQulusini kuphela, kanti umphakathi ukhombise ukuwuthakasela kakhulu.
IMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, uthe uyaziqhenya ukubona intsha yaseBaQulusini izinikela ekucijeni amakhono ayo. “Ngicela niqhubeke ngizimisele. Lokhu kungaba ukuqala kwekusasa lenu eliqhakazile. Bonke laba abaphumelanga bazoqhubekela phambili beyoqhudelana kwisigaba esilandelayo sesiFunda iZululand. Abangaphumelelanga abahambe bayozicija, ngokuzayo bazophumelela. Ningalilahli ithemba bongelani ozakwenu abawinile,” kuphetha iMeya uMkhwanazi.
Amaqembu aphumelele ukudlulela phambili ayoqhudelana nesiFunda iZululand:
Amazayoni – Umfula ongashi*
Amanazaretha – Emthonjeni Temple
* Afro Gospel – Amawundlu Esizwe
* Spiritual Gospel without instrument – Isiqalo Esihle
* Afro Pop – Costah the Vocalist
* Isicathamiya – Amaphikankani
* Maskandi – KaMageba
* Poetry- Amasalakubuzwa
* Drama – Abashana*
Arts & Crafts – Izimpohlo Art & Crafts
* Indlamu – Isiqalo
* Amapiano – The new black
* Modern Dance – Original Stars
* Ingoma Yezinsiwa – Amavala Mlomo
* Ingoma Yezintombi – Izimpande
* Hip Hop – Pheriph Phephukanabo
* Ukushikila – Siphokazi Dlamini
