EZIYASHAQISAYO ZIKA-LETOYA NOBEYISOKA LAKHE

UMKHULU Mahlal’entabeni ekhuluma ngobudlelwano bakhe noLetoya kuhlelo lwaku-YouTube.

ULETOYA Makhene osekuvele indaba ezishaqisayo ngaye, zivezwa ubaba wengane yakhe uMkhulu Mahlal’entabeni. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
OBETHANDANA nomlingisi ophinde abe umculi uLatoya Makhene, uMkhulu Mahlal’entabeni, uveza izindaba ezishaqisayo ngobudlelwano babo ngesikhathi ekhuluma noLungelo KM ohlelweni lwaku-YouTube oluthi Engineer Your Life.
UMahlal’entabeni uthi ngesikhathi efika empilweni kaLetoya, wamthola ephila ngaphansi kwezimo ezingagculisi yize engusaziwayo.
Uthi wamlungisela indlu yakhe waphinde wameseka ngezindlela ezehlukene ngesikhathi besathandana. Uphinde waveza ukuthi uLetoya wamtshela ukuthi ufuna babe nengane ngesikhathi ubudlelwano babo busavutha amalangabi.
“ULetoya ubehlale ehamba nowesifazane ogama lakhe linguLisa, owayesondelene nomculi ongasekho emhlabeni uZahara. Bebedla utshwala njalo, kwesinye isikhathi bengifakelwa izinto ezingenza ngidakwe ngingazi futhi ngingakuboni okwenzekayo. Ubephinde alethe amadoda endlini kunengane yethu enezinyanga ezimbili vo. Bengithi njalo uma ngifika, njengendoda indlu yakho uyayazi, uyakwazi ukubona ukuthi kukhona umuntu obelayindlini,” kusho UMahlal’entabeni.
ULetoya ubengakaphawuli ngalezi zinsolo ezishaqisayo ezibhekiswe kuyena.
